Kulindeleke ukuba kwethulwe uMnu Mcebo Andrew Mkhize njengeMeya entsha kaMaspala waseDundee. UMnu Mkhize uyinsizwa esencane eneminyaka yokuzalwa engama-26. Uma egcina egcotshiwe uzobe evala isikhala sikaMnu Siyabonga Ndlovu we-IFP osule ngesonto eledlule kulandela ukukhala kwe-DA ngokudonsa ubuthongo kukaMnu uNdlovu emihlanganweni . Zibe ningi izikhalo ngoMnu Ndlovu ngoba ubesolwa nangokusebenzisa budedengu izinsiza zomkhandlu nezinsolo zenkohlakalo. I-DA yiyona ebambisene ne-IFP ekuphatheni uMaspala waseDundee. Kubhekwe ukuthi uMnu Mkhize (naye ophuma kwi-IFP ) alungise izinto esezonakele kakhulu kuloMaspala. UMnu Mkhize manje unguSihlalo weNtsha yaseDundee, ngaphambilini wayekade enguMengameli we-South African Democratic Students Movement ( Sadesmo) .
Kulindeke ukuba kwethulwe uMnu Mcebo Mkhize njengeMeya entsha yaseDundee.