Ugcine egwetshiwe owesifazane owachatha waphinde washisa owabe eyiSoka lakhe nge-Acid

Ugcine egwetshiwe owesifazane uLethiwe Princess Mthimkhulu owachatha waphinde washisa owabe eyiSoka lakhe nge-Acid uPhakamani Sibiya. Ugwetshwe izolo mhlaka 11 kuZibandlela . Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngoMbasa ka 2022 oThongathi , icala belilokhu lisaqhubeka eNkantolo yaseVerulam . Kuthiwa lona wesifazane lokhu wakwenza elekelelana nomuntu wesilisa okusolwa ukuthi wabe eyiSoka lakhe elisha. UPhakamani Sibiya washa impela ikakhulukazi ebusweni , kangangokuthi udinga oNgoti bezesikhumba ukuze okungenani acishe abuyele esimweni sakhe . IMantshi uSanele Hlatshwayo igwebe uLethiwe iminyaka eyishumi eseJele , yamchaza njengomuntu wesifazane ononya futhi ongazange akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe . Iqhubeke yamachaza njengomuntu obengathembekile ngenkathi ethula ubufakazi bakhe  kusathethwa icala . Uqhubekile uMnu Hlatshwayo waveza nokuthi iNkantolo inomgomo wokubhekela uMaMthimkhulu izingane zakhe kwazise unezingane ezimbili , kulezo zingane encane yazo isancela ibele , kanti lena endala eneminaka eyiSishiyagalombili yona iphila ngaphansi kwesimo sokukhubazeka , ngoba ayikwazi ukukhuluma kahle . Ngenkathi iMantshi igweba uMaMthimkhulu kuvuke umunyu kuPhakamani Sibiya ovele wakhihla eseNdlovukazi uNandi, okusho khona ukuthi ubesamthanda lona wesifanane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *