Asamisiwe amaBhasi e-Rea Vaya eSoweto okwamanje. Lokhu kulandela uMbhikisho waBashayeli bamaTekisi ababekade bebhikisha izolo ngaphandle kwaseThokoza Park izolo. Laba Basheyeli bamaTekise bebekhala noma bebelwisana nokubuya kwamaBhasi abekade esamisiwe. Lawo maBhasi aqale ukusebenza futhi ngoMsombuluko. AmaBhasi abuyile kubalwa i-F2 esuka eThokoza Park ilibangise e-Protea Glen, i-F1 esuka eThokoza Park ilibangise eNaledi kanye ne-F4 esuka eThokoza Park ilibangise e-Mofolo bese idlula ngaseDube. Sibala nje ambalwa. LamaBhasi abelokhu engasebenzi kusukela ngonyaka odlule ngenxa yezinselelo. Kulindeleke ukuba Ilunga leKomidi likaSodolobha kwezokuthutha eDolobheni laseGoli u-Mnu Kenny Kunene abambe umhlangano nabashayeli bezinqola ezithutha umphakathi ukuzama ukuqhamuka nesiSombululo kulenkinga .