Udedelwe ngeBheyili u-Shaune Mogaila ongumdlali weBhola likaNobhutshuzwayo odlalela iqembu iSekhukhune United obeboshwe izolo ngemuva kokuzinikela kwakhe emaPhoyiseni kulandela ukubaleka kwakhe emva kwengozi yemoto edlule nengane eneminyaka eyiSishiyagalolunye eTembisa. AmaPhoyisa omkhandlu waseKurhuleni athi le ngozi yenzeke izolo ekuseni lapho imoto ka Mogaila ishayisane mahlanze nenye imoto. Ngemuva kwale ngozi kuthiwa u-Mogaila uphumile emotweni yakhe wacela eMpunzini ngezinyawo. Kuthiwa emotweni yakhe kutholakale amaBhodlela otshwala kanye nokunye okusolwa ngathi izidakamizwa. Lo mdlali ugcine ezinikele emaPhoyiseni khona izolo. Ube esevela eNkantolo namuhla emini lapho akhululwe khona ngeBheyili ka R20 000. Umphakathi kanye nezihlobo zesisulu kazeneme ngokukhululwa kwalo mdlali ngeBheyili. Icala lakhe lizobuyela eNkantolo ngomhlaka 4 kuNhlolanja (February) 2025. Iqembu lakhe leSikhukhune United likhiphe iSitathimende izolo libika ngalesi sigameko , nokho alithandanga ukuphawula kabanzi.
Udedelwe ngeBheyili umdlali weSekhukhune United