Usephindele kwelakubo umfundisi uOmotoso

 

Ugibele iNdiza waphindela kwelabo eNigeria umfundisi uTimothy Omotoso weBandla iJesus Dominion International Church obuye abe uMsunguli walo.UOmotoso ubebhekene namacala ayi90 okubalwa kuwo awokudlwengula kanye nawokushushumbiswa kwabantu.UOmotoso wayeboshwe ngo2017 eboshelwa wona lamacala,wahlala ezikhindini kusukela ngaso leso sikhathi.Uze wadedelwa ngenyanga edlule kulandela isinqumo seMantshi ethe abukho ubufakazi ubuqanda ikhanda obukhomba ukuthi ngempela uOmotoso wawenza lamacala.Kuthe kusenjalo iNPA yakhipha umbiko othi isazowabheka kabusha lamacala obekusho ukuthi uOmotoso ubengakaphunyuki.Ngesonto eledlule uphinde waboshwa futhi uOmotoso eboshelwa ukuba kuleli ngokungemthetho.Abameli bakhe benze i-appeal yalelo cala nokuholele ekudedelweni kwakhe yiMantshi ethe isizathu sokudedelwa kwakhe ukunikeza abameli bakhe ithuba elanele lokuhlanganisa ubufakazi.Kanti namuhla emini uOmotoso ubonakale esikhumulweni seziNdiza i-OR Tambo eGoli egibela iNdiza ebiphikelele eNigeria.UStephen van Neel oyisikhulu soMnyango wazasekhaya ubikele abezindaba ukuthi bayazi ngokuhamba kukaOmotoso.Uqhubeke watshela abezindaba ukuthi uOmotoso akasavumelekile ukuphinda alubhade kuleli ngenxa yokuthi wephule imithetho yoMnyango wezasekhaya.Uthe engabuya kuphela uma kuwukuthi uzoqula amacala abhekene nawo.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *