Usezocija i-Real Madrid uCoach Xabi Alonso

Kuye ngamagama enkehli i-Real Madrid imemezela uXabi Alonso njengoMqeqeshi wayo omusha.Lo Mqeqeshi usanda kushiya kwiBayer Leverkusen yaseJalimana lapho adla khona isicoco seLigi ngeSizini ka2022-23.Abezindaba babevele beshilo ukuthi njengoba eshiya kwiBayer nje uya eSpain kwiMadrid.Kuye ngamagama enkehli.UXavi usayine inkontileka yeminyaka emithathu ezoqala mhla lulunye kuJune kuze kube u30 June 2028.UXavi uzokwethulwa ngokusemthethweni kusasa mhlaka 26 May ngezithuba zo12.30 ngesikhathi saseSpain.Le nsizwa itheleka kwiMadrid nje iyiLegend yaleli qembu,yake yagijima kulona kusukela ngo2009 kwaze kwaba u2014.Yadlala imidlalo eyi236,yadla izicoco esingabala kuzo eziyiSithupha(6)zeLigi,iEuropean Cup yeshumi eyadlalelwa eLisbon,iEuropean Super Cup,amaCup of Kings amabili kanye neSuper Cup of Spain eyodwa.Kanti ibuye ibe yiLegend yeqembu lesizwe laseSpain,yadlala imidlalo eyi113 kulona.Umsebenzi wakhe wokuqeqesha wawuqalela khona kwiMadrid ngo2018-19 lapho ayecija khona abadlali abasebasha,nakhona wadla izicoco.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *