Usehlube udlubu ekhasini uMazola Molefe mayelana noMqeqeshi weqembu le Kaizer Chiefs uNasreddine Nabi wathi akayi ndawo.Le Ntatheli yeSABC engavamisile ukushaya eceleni ibikusho lokhu eMsakazweni i-Metro FM ohlelweni lwezemidlalo olushayelwa uAndile Ncube.UMolefe ubehluba udlubu ekhasini kulandela ukusabalala kwezinkulumo ebezithi uNabi ukuzokhonjwa indlela ize ekwazile ukudla isicoco seNedbank Cup.Lezi nkulumo bezithi abaphathi beMpofu abeneme neze ngokwehluleka kweqembu labo ukungena kwiTop 8.Ngokusho kukaMolefe uthi yebo intukuthelo ibe khona impela kubaphathi baleli qembu kodwa lokhu akuchazi ukuthi ibhantshi likaNabi lizogcwala umoya.UMolefe uthi uNabi nethimba lakhe labaQeqeshi sebeqalile ukulungiselela iSizini ezayo,kanti nohla lwabadlali abazobadinga sebelwethulile kubaphathi bakhe.UMolefe uqhubeke wathi kulindeleke ukuthi iMpofu iphume inqina yokuyozingela uNozinti maduze ngoba yiyona ndawo uNabi akhale ngayo.UMolefe uthi uNabi uphinde wakhala ngokuthi kuzodingeka noMgadli ongalibheki iPali.Kukhona nabadlali abazodedelwa yileli qembu,kulabo badlali kukhona noMgadli uRanga Chivariro inkontileka yakhe engeke ivuselelwe.
Akayi ndawo uCoach Nabi