UMsakazeli womphakathi i-SABC isimemezele ukuthi uyaphela uMuvhango mhlaka 8 kuNcwaba(August)kuwo lo nyaka ka 2025.Lo mdlalo odlala kuSABC 2 usuneminyaka eyi28 udlala kuSABC kanti nobudlelwano babaphathi bezinhlangothi zombili bebubuhle kakhulu.Ekhuluma nabezindaba uMsunguli walo mdlalo obuye abe nguMdidiyeli omkhulu wawo uMnu Duma Ndlovu uthe udlulisa okukhulu okubonga kwiSABC ngokumnikla ithuba elibe iminyaka eyi28.UMnu Lala Tuku ohola iAGEVE kuSABC(Acting Group Executive for Entertainment)utshele abazindaba ukuthi ababukeli mabalindele okuhle okuzayo,uphinde wedlulisa okukhulu ukubonga kuMnu uNdlovu ngekhono lakhe elihle lokuhola nangokunika ezinye iziLimi ithuba lokuzibonakalisa emkhakheni wokulingisa.Kube sobala ukuthi ubesho ulimi lwesiVenda okuyilona oluhamba phambili kuMuvhango.Isikhalo soMuvhango sizovalwa umdlalo omsusha obizwa ngokuthi i-Pimville Queens.Lo mdlalo uzoqala ngawo uNcwaba.
Bhabhayi Muvhango