Ugwetshwe iminyaka eyishumi nanhlanu(15)owesifazane owadlungula umfana

UNontokozo Sakhile Dludlu(46)owesifazane wakwaManzini eSwatini ugwetshwe iminyaka eyishumi nanhlanu(15) ebhadla eJele ngecala lokudlwengula umfanyana oneminyaka eyi15.Kuthiwa lona wesifazane uwumakhelwane waleli khaya lalo mfanyana, ubuye alekelele ngemisebenzi yalapha ekhaya abe yisibenzi(uAnti) kuleli khaya ,kuthiwa langa limbe kwakuphele ugesi kuleli khaya ,uGogo walo mfana wase ethuma lo mfana ukuba ayolanda ucingo endlini kaGogo ukze bakhanyise ngalo.Kuthiwa uMaDludlu wayilandela le ngane wafika wayidlwengula.Kuthiwa ngolunye usuku  uMaDludlu wabuye wayibizela kwenye indawo le ngane lapho ayidlungulela khona ihlandla lesibili.Le ngane okugodlwe igama layo ngenxa yeminyaka yayo kuthiwa yatshela umngane wayo ngalesi sigameko,naye owayeyibuzile ukuthi kwenzekani ngoba eyibona inyukubele.Kuthiwa lo mfanyana watshela umngane wakhe ngakho konke okwakwenzekile.Kuthiwa umngane watshela umfowabo walo mfanyana naye owabikela abanye yagcina ikinatelwe intokazi yakwaDludlu.Umfowabo walo mfanyana kanye nomngane wakhe babe abanye bofakazi abane enkantolo abafakaze ngenkathi kuqulwa icala.Ebuzwa umfanyana ukuba wathulelani ngenkathi edlungulwa ihlandla lokuqala waphendula ngokuthi wayesaba lo sisi ngoba ubuye abe wumuntu onolaka.Ngenkathi ebuzwa ukuthi ngabe waluthokozela yini ucansi uphendule ngokuthi cha. 

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *