Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.ISilo uDingane leso,iSilo sakithi eMgungungundlovu.ABaNtwana baseNdlunkulu bamenywe emcimbini omkhulu eZimbabwe.Lo mcimbi uye wenzeke minyaka yonke endaweni yaseNkayi enyakatho yedolobha lakwaBulawayo.Lo mcimbi ubizwa ngokuthi yiMiklomelo kaDakamela.UDakamela lona ungenye yezinduna zendawo. Lo mcimbi uzobe ukusasa mhlaka 3 kuMbasa.ABaNtwana bazobe beholwa nguMntwana uThulani kaGqikazi waseZibindini obuye abe nguMkhulumeli weNdlunkulu kaZulu.Kuzobe kukhona noMntwana uKwazikwenkosi ka Mdlokombane kanye nabanye.Kuzobe kukhona nabaLingisi bakuleli esingabala kubo uThandeka Dawn King,uMbuso Khoza kanye nabanye.Lo mcimbi uzobe usakazwa bukhona ekhasini likaFacebook elibizwa ngokuthi “IMiklomelo kaDakambela.Kuzobe kukhona nabaNguni baseZambia.
ABaNtwana baseNdlunkulu bamenywe emcimbini omkhulu eZimbabwe