Kulindeleke ukuba i-Kaizer Chiefs ibuyise iziNduku kwiMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Black Label Quarter Finals kusasa kusihlwa. AmaThikithi alomdlalo asethengwe aphela. IziMpofana kulindeleke ukuba zibuyise iziNduku kulandela ukwehlulwa kwazo yiDowns ngo2-1 emdlalweni weLigi ngoMandulo walo nyaka khona e-FNB . Kulowo mdlalo iDowns yaguqisa iziMpofana ngamagoli amabili kwelilodwa. Lo mdlalo wawethanyelwe izihlwele ezazibalelwa ku-94 700. Emdlalweni wangoMandulo abalandeli beBhola bakhala kakhulu ngoNompempe , bathi akawuphathanga kahle umdlalo, wachema neDowns. Umdlalo wakusasa uzoqala ngeHora leSithupha kusihlwa(18:00), kanti kunxuswa abalandeli ukuba batheleke kusenesikhathi eNkundleni ukuze kungaphazamiseki ukuqala kwalo mdlalo.
Eminye imidlalo yeCarling Black Label Quarter Finals:
-I-Richards Bay izotholana phezulu neCape Town City kusasa emini ngo15:00, eKing Zwelithini Stadium , eThekwini.
-Kanti ngeSonto mhla zintathu kuLwezi i-TS Galaxy izotholana phezulu neMagesi FC ngoHora lesithathu emini (15:00)
-Bese kuthi ngo18:00 ngalo iSonto i-Marumo Gallants itholane phezulu neStellenbosch eDr Molemela Stadium , eMangaung.