Sekuboshwe indoda eduna amabhilidi eBraynston

AmaPhoyisa aseGoli i-JMPD asebophe umsolwa mayelana nokudunwa kwamabhilidi endaweni yaseBraynston eGoli.Lo msolwa uvezwe ngegama elithi unguLawrence,kuthiwa ungowokufika kuleli,akukaveli ukuthi usuka kuliphi izwe.Lo msolwa uboshwe namuhla emini ngenkathi amaPhoyisa eqhuba umkhankaso wokubuyisa wonke amabhilidi aqhwagiwe kuleya ndawo.Kuthiwa lo msolwa udune ibhilidi khona kuleya ndawo,kulelo bhilidi uqashise imindeni engama70 ekhokha i-rent kuyena.Kuthiwa ugesi kanye namanzi akuleli bhilidi nakho ukudunile lo mfo.Lo mkhankaso uholwa nguMMC wezokuphepha eGoli obuye abe yiMeneja uBaba uFloyd Brink.Lona umkhankaso osaqhubeka futhi kulindeleke ukuba kuboshwe nabanye abaduni bamabhilidi khona eBraynston.UMMC ufunge wancinda izithupha wathi ngeke avume ukuthi izigebengu zenze umathanda endaweni ayiphethe,kube kwaMpunzedlemini.Le ndoda itholakale nesibhamu esinganazo izincwadi kanye nenqwaba yezinhlamvu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *