Isililo kushona uNogada othwelwe ngeQoma

Ilokhu ingene njalo imlayezo yenduduzo emndeni kaNoganda wakwaMultiChoice uDavid Sejobe.USejobe ubenguNogada weMultiChoice,esebenzela ekoMkhulu lalenkampani eliseRandburg ngaphansi kwenkampani i-Fidelity Services Group.USejobe ubedume ngomusa abenawo,ubeyinsizwa ebibathanda kakahulu abantu ingakhethi bala lamuntu,ithanda onsundu nomhlophe.Le ndoda ibiya emsebenzini ngebhayisikili isuka eOrange Farm okuyibanga ebilihamba amaHora amabili ngalo ibhayisikili.Kuthiwa ishone ngoLwesihlanu ekuseni.Kubikwa ukuthi ishayiswe yimoto yaphangalalela endaweni yesigameko.Kuthiwa eshayise uSejobe ayizange ime endaweni yesigameko.USejobe ubedume kakhulu kuTikTok ngoba abashayeli bezimoto bebejwayele ukumthwebula amaVido ehamba ngalo ibhayisikili lakhe ikakhulukazi ngakuBram Ficher Road eRandburg.Le ndoda kuthiwa ibikade iphila nesifo sikaShukela,ukuhamba ngebhayisikile bekuyindlela yokuzivocavoca.USejobe wake wazakhela igama ngenkathi esuka eGoli ngebhayisikili eya kwelabo eVenda okuwuhambo olwamthatha ubusuku obubodwa.Lokho wayethi ukwenzela ubaba wakhe ongasekho naye owayephila nesifo sikaShukela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *