Iqembu lesizwe laseNigeria elidume ngeleSuper Eagles lithole ithuba lesibili lokuya kuMqhudelwano wamazwe omhlaba webhola likaNobhutshuzwayo phecelezi iWord Cup 2026.Lo Mqhudelwano uzobanjelwa emazweni amathathu okuyiMelika,iCanada kanye neMexico ngonyaka ka 2026.INaija njengoba beyibiza kanjalo abangakubo ithole lesibili lokuya kwiWorld Cup 2026 kulandela ukuqhathwa kwayo neGabon,Cameroon kanye neDR Congo kumaPlay Offs azoqala namuhla ezweni laseMorocco.Namuhla kusihlwa ngezithuba zika6 iNaija izodlala neGabon,bese kuthi iCameroon idlale neDR Congo.Le midlalo inomlenze owodwa kuphela,abayodla umhlangiso namuhla kusihlwa yibona abayodlala kowamanqamu ozodlalwa cishe ezinsukwini ezintathu kusuka namuhla,Oyodla umhlanganiso kowamanqamu uyena uzoya kwiWord Cup 2016.Nakhona kowamanqamu kuyodlalwa umlenze owodwa.INigeria yayikade isiqoqweni elilodwa neBafana Bafana iqoqo uGroup C.Kulelo qoqo kwaba yiBafana Bafana eyaqeda isisecongweni,yaphumelela ukuya kwiWorld Cup 2026.INaija yalala isibili.ICameroon yona yalala isibili kuGroup D,kanti iDR Congo yona yalala isibili kuQoqo B
INigeria ethubeni lesibili kowokuhlungela indebe yomhlaba