Izimpukane eziluhlaza sezihogele ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yomgadli weKaizer Chiefs uRanga Chivariro uma iphela ngoJune wakulonyaka.Lo mgadli wafika kwiMpofu ngoJuly ka2023 esuka kwiMaromo Gallants kulandela ukwenza kahle kwakhe kuleliya qembu lapho avalela khona amaGoli ayi17 emidlalweni eyi30.Ngayo leyo Sizini iGallants yayikade idlala kwiCAF nakhona wenza ezibukwayo uChivaviro.IGallants yenza kahle kakhulu kwiCAF ngalowo nyaka kangangokuthi yaze yafinyelela kowandulela owamanqamu(semi finals).NgeSizini yakhe yokuqala kwiziMpofana(2023\24) uChivaviro wahlohla amaGoli amane(4)emidlalweni eyi20,kuleyo Sizini iMpofu yehluleka ukungena kwiTop 8.Kanti kuleSizini esikuyona(2024\25)uChivaviro usavalele amaGoli amahlanu kuphela.Selokhu afika eNaturena lo mgadli usakore amaGoli ayi9 emidlalweni eyi45,kuleyo midlalo welekeleka ekukorweni kweGoli elilodwa.(1assist).Abezindaba babika ukuthi iqembu leKaizer Chiefs beselimazisile uChivaviro ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe uma iphela ngoJune.Kuzoqapheleka ukuthi ngoMgqibelo ngenkathi iMpofana iqukula indebe yeNedbank Cup lo mdlali ubengekho ngisho nasebhentshini layo.
Kubikwa ukuthi uzogabisa ngezithende uChivaviro uma kuphela iSizini