Bagiye baqephuza abazalwane beBandla likaTimothy Omotosso iJesus Dominion International Church kulandela ukudedelwa kukaMfundisi wabo uOmotoso obeboshelwe ukuba kuleli ngokungemthetho.Le Nceku kaSimakade ibiboshwe ngoMgqibelo odlule,iboshwa yithimba lamaphoyisa ebelihamba nabomnyango wezasekhaya.Umnyango wezasekhaya ubike ukuthi iVisa yeNceku yedlulelwa yisikhathi ngo2017.Kuzokhumbuleka ukuthi le Nceku isanda kudla umhlanganiso oxhaxheni lwamacala athinta nawokudlwengula.INceku yenkosi idla umhlanganiso nje ibilokhu yaboshwa ngo2018 iboshelwa lona lolu xhaxha lwamacala.Yakhululwa yiMantshi mhlaka 2 ApreliĀ kuwo lonyaka kwathiwa abukho ubufakazi obuqanda ikhanda obungaholela ekuboshweni kwayo.Iphinde yaboshwa ngoMgqibelo isiboshelwa ukuba kuleli ngokungemthetho.Abameli bakaOmotoso bebefake isicelo seAppeal kuNgqongqoshe wezasekhaya becela ukuthi umnyango wakhe ulibuke kahle leli cala.Leso sicelo sichithiwe umnyango wezasekhaya.Ecaleni lokuba kuleli ngokungemthetho uOmotoso udedeliwe namuhla.IMantshi ichazele inkantolo ukuthi isizathu sokukhululwa kukaOmotoso ukunikeza abameli bakhe isikhathi esanele sokubheka izincwadi abazithunyelwe umnyango wezasekhaya mayelana nokuchithwa kweAppeal.
Imibhiyozo kudedelwa uOmotoso