Kutholakale izidumbu ezimbili okusolakala ezentatheli eyaduka nesithandwa sayo.

Ezibuhlungu ezibikwe namuhla emini zithi sekutholakale izidumbu esezonakele zabantu ababili okusolakala ukuthi ezezithandani ezimbili ezaduka mhlaka 18 Febrwari(Nhlolanja)kuwo lonyaka.Lezi zithandani uSibusiso Aserie Ndlovu kanye nowakwakhe uZodwa Precious Ndlovu abagcina ukubonakala mhlaka 18Febrwari kwaMhlanga eMpumalanga.Kuthiwa umuzi wabo watholakala ugqekeziwe ngezi19 zikaFebrwari.Izindaba zokutholakala kwemizimba zethulwe uKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uMnu Fannie Masemola namuhla emini.Kulindeleke ukuthi lezi zidumbu ziye eLebhu ziyohlolwa uLibofuzo.Kanti izolo besibike ukuthi kunabasolwa abahlanu asebevele enkanto yakwaMhlanga mayelana namacala athinta lona leli cala.Omunye walaba basolwa uSamuel Mogongwe(41)kuthiwa uyisihlobo kanti ubebuye ashayele enye yamaTekisi alo mndeni.Kuthiwa omunye wabasolwa uholele amaPhoyisa endaweni lapho kutholakale khona lemizimba,nokho kubikwa ukuthi akakwazanga ukukhomba ngqo lapho basocongela khona lezi zithandani,kuthiwa kuze kwelekelela abaphenyi abaqhubeke nokucinga kuleyo ndawo baze bayitholala imizimba.Abasolwa basavalelwe namanje.Kusolakala ukuthi imbangela yokubulawa kukaNdlovu nesithandwa sakhe kwakuwuntshontsha enye yezimoto zakhe kuyokwenziwa ngayo ibhizinisi lamaTekisi.Laba basolwa batholakala nempahla yasendlini okubikwa ukuthi eyakhona kwaNdlovu.Kuleyo mpahla singabala iSiqandisi,uMabonakude kanye noMazisi kaZodwa.UNdlovu unguMsunguli woMsakazo i-Capital Live FM eseMamelodi ePitoli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *