Isikhalelwe ngamaSongo kaSigonyela indodana yalowo owabe enguMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe.Igama lale ndodana nguChatunga Bellarmine Mugabe oneminyaka eyi28.UChatunga uboshwe namuhla ekuseni ngezithuba zo10.Kuthiwa udubule walimaza isisebenzi sakhe saseNgadini.Ngokusho kwabazizwele umsuka wengxabano kuthiwa bekumayelana nokuthi isisebenzi besilovile emsebenzini izinsuku ezimbalwa.Okhulumela amaPhoyisa aseGoli uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthi amaPhoyisa abekade eqhuba umsebenzi wawo ngenkathi emiswa uNogada endaweni yaseHyde Park eGoli ewatshela ukuthi kukhona umuntu osedutshuliwe.AmaPhoyisa abe esephuthuma endaweni yesigameko lapho afice khona isisebenzi sikaChatunga esineminyaka eyi23 silimele kanzima.Kuthiwa amaPhoyisa athole amaGolobolondo ezibhamu endaweni yesigameko.UNevhuhulwi wale waphetha ukudalula isibalo samaGobolongo.Kodwa ukuqinikisekisile ukuthi isisulu sidutshulwe kanye.Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela okuyilapho sisathola khona ukwelashwa namanje.AmaPhoyisa abe esebopha uChatunga kanye noMqaphi wakhe oneminyaka eyi 33.Ngokusho kukaNevhuhulwi uthi oChatunga abasivezanga isibhamu uChatunga adubule ngaso isisulu,amaPhoyisa asifune ancama,kwale ngisho sekubizwe inja ehogelayo.Kubikwa ukuthi unina kaChatunga uGrace Mugabe ubesetsheliwe ngalolu daba lwendodana yakhe,kodwa uthe ngeke akwazi ukuza lapha kweleNgabade azokweseka indodana yakhe ngenxa yecala alenza ngo2017 lokushaya uNobuhle(Model) eHotela laseGoli.
Khumu!