Izigebengu zikhale zemuka nesamba esingadalulwanga

Kusuke isidumo izolo endaweni yaseOld Geelhout Park eNorth West  ngenkathi izigebengu ziphanga imoto yemali.Abazibonele bathi kuqhamuke imoto yohlobo lweToyota Fortuna yafike yashayisa imoto yemali ngasohlangothini.Kuthiwa kuthe ngenkathi oNogada besamangazwe yilokho kwavele kwaqhamuka enye imoto yohlobo lweToyota Hillux yafike yanquma ngaphambi kwemoto yemali,yayivimba.Kuthiwa ngesikhashana nje oNogada ababekade bengaphakathi  emotweni yemali bazithole sebekakwe yinqwaba yezigebengu ebezihlome ziyiziNgovolo.Zibe sezibayalela ukuba baphume emotweni,ngempela kuthiwa baphumile impela ngaphandle kokugoloza.Zibe sezibephuca izibhamu,zabalalisa endaweni engekho kude nalapho bekwenzeka khona lobu bugebengu.Kuthiwa lezi zigebengu zithathe isamba esingadalulwanga,maqede zashiya zithungele iFortuna kanye nemoto yemali ngomlilo -zashaya zachitha ngeHillux.Bekungakaboshwa muntu mayelana nalolu daba.KuneVido esabalele ezinkundleni zokuxhumana enemifanekiso yalesi sigameko.Kubikwa ukuthi akekho olimele kulesi sigameko.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *