Kubikwa ukuthi uEden McCarthy oyisitobha seKaizer Chiefs usethengwe yiqembu laseAzerbaijan elidlala kwiLigi yakhona enkulu,kanti likhwalifayile nokuyodlala UEFA Champions League okusho ukuthi uMcCarthy uzogudlana amahlombe nabadlali bamaqembu afana no-Inter Milan,Barcelona kanye namanye amaqembu.Lo mfana oneminyaka eyi 22 wajoyina iKheza esuka kwiDevelopment yalo leli qembu.Uyindodana ka Fabian McCarthy naye owabe eyisitobha saleli qembu.U-Eden ubesanda kwelula inkontileka yakhe neKheza,ubeyinwebe ngeminyaka emibili.
Uzogabisa ngezithende uEden McCarthy kwiKaizer Chiefs