IMpofu izomemezela uMqeqeshi omusha maduze

 

Ngokusho kwamaPhephandaba kuthiwa iqembu leKaizer Chiefs lizomemezela uFrenando da Cruz njengoMqeqeshi walo omusha kulo leli sonto esikulona.UCruz unguMsinsi wokuzimelela kwelaseFrance.Wake wacija iqembu le AS FAR  laseMorocco.Kanti wake wasebenza nethimba labaqeqeshi baka Nasreddine Nabi khona eNaturena kodwa wasuka engakadlali nowodwa umdlalo ngesizathu sokuthi wayesayoqedela inkontileka yakhe kwiAS FAR.UCruz uhlome ngeziqu ze UEFA Pro Licence okuyiziqu ezigunyaza umqeqeshi ukuba acije kwiEPL eNgilandi.Kuthiwa uCruz ubeqhudelana noManqoba Mngqithi kulo lesi sihlalo sokucija iKaizer Chiefs.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *