Usekhonjwe indlela uArne Slot

 

Kuqhume enkulu injabulo kubalandeli beqembu leLiverpool ngenkathi leli qembu likhomba indlela iMeneja (umqeqeshi) yalo uArne Slot onguMsinsi wokuzimilela kwelaseNetherlands. Le nsizwa yakwaSlot yafika kuleli qembu ngeSizini eyandulela lena esanda kuphela.Yathi uma ifika yadla iSicoco seLigi yaseNgilandi.Kodwa lokho akubagcilisanga abalandeli beLiverpool ngoba iningi labo lathi uSlot udle iSicoco ngeSkeem sikaKlop owayesenda kubeka phansi izintambo.Amagama abo awazange awele phansi ngoba le ndoda yakwaSlot yehluleke ngamalengiso kwiLigi yaseNgilandi ngeSizini esanda kuphela,yehluleka nokuvikeka iSicoco eyasidla ifika kuleli qembu.NgeSizini esanda kuphela abalandeli baleli qembu bebelokhu bekhale njalo ngalo mqeqeshi bethi makathathe imigodla yakhe ahambe.Iphupho labo lize lafezeka namuhla ngenkathi iLiverpool ixosha lo mqeqeshi.USlot wadlala imidlalo eyi57 neqembu leLiverpool.Wanqoba eyi28,wehlula kweyi20.Wadla ngokungilingana kweyi9.USipke Hulshoff obeyiSekela likaSlot nguyena uzobamba  izintambo kuze kutholakale umqeqeshi(iMeneja)omusha. UAndoni Iraola owake wacija iBournemouth nguyena ohamba phambili kwabagaqele isikhundla sokuba yiMeneja entsha yeLiverpool.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *