Ukhala ngokungabibikho kobufakazi uMmeli kamsolwa osolwa ngokubulala uDJ Warras

 

UDumisani Mabunda onguMmeli omele uVictor Majola Mthethwa osolwa ngokuba womunye wababulali bakaDJ Warras uthi uMbuso awunabo ubufakazi obanele obuveza ukuthii iKlayenti lakhe uMthethwa liyathinteka ekusocongweni kukaDJ Warras.UMabunda uqhube wathi ngisho nangenkathi iKlayethi lakhe liboshwa amaPhoyisa awazange athole lutho oluyamanisa iKlayenti lakhe necala lokusoconga uWarras.Futhi amaPhoyisa awazange athole ngisho nesikhali lesi esikhombisa ukuthi iKlayenti lakhe liyiNkabi enquma abantu.UMabunda uphinde wakhala nangeVido esagodliwe egodlwe ngabomthetho okuthiwa iveza izigebengu ezintathu okuthiwa kubonakala esisodwa sazo esineMiyeko ekhanda sidubula uDJ Warras.Uthi leyo Vido naye akakayiboni.UMthethwa bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili namuhla enkantolo yeMantshi yaseGoli kodwa icala lakhe laselihlehliselwa umhlaka 13 ngeviki elizayo.UMabunda uthi ukulindele ukufakwa kwesicelo sebheyili kweKlayenti lakhe okuhlehliselwe iviki elizayo

Khumu!

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *