Ucela usizo umndeni weBhungu elishonele eZimbabwe livakashele intombi

Umndeni waseLimpopo eMokopane ukhala kwiZiphathimandla zezwe ukuba zelekelele kulandwe ithambo lendodana yawo uThabang Mantanye Mokonyane(23)oshonele eZimbabwe evakashelele intombi yakhe ebuye ibe umama wengane.Kuthiwa uThabang wakhuphuka waya eZimbabwe mhlaka 30 Zibandlela kuwuLwesibili,watholakala eshonile ngoNyunye mhlaka 1 Masingana 2026.Ngokusho kukaBabekazi kaThabang uRamaisela Mongwe uthi babikelwa ukuthi indodana yabo izikhungile.Kodwa uMongwe uthi akayikholwa leyo ngoba intambo kuthiwa kuthiwa  yatholakala isezinyaweni zakhe hhayi emqaleni.Uthi bewumndeni babengazi ngezinhlelo zikaThabang zokuya eZimbabwe.Bezwa kamuva esehambile,kwathiwa uyobona intombi yakhe,futhi uzobuye adayise namantongomane khona lena eZimbabwe.Kuthiwa umzimba kaThabang usemakhazeni kaHulumeni khona eZimbabwe.UMongwe ukhale ngokuthi bona bengumndeni bayahlupheka abanayo imali yokuyolanda umzimba kaThabang,kanti futhi nabazali bakhe sebehlukana,nabo abanayo imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *