UMashaba uthole umnikelo kaR200K wokulwa nomdlavuza

Emasontweni ambalwa edlule umndeni kaBaba uShakes Mashaba waveza  ukuthi uBaba uMashaba akaphilile kahle,uphethwe umdlavuza kanye nesifo sofuba.Lokho kwavezwa izingane zakhe ezimbili kuMabonakude osakaza izindaba iNewzroom Afrika.UBaba uShakes uyiNgqalabutho yebhola lakuleli,wadlelela waphinda wacija iBafana Bafana.Izingane zakhe  zaveza nokuthi isimo sikaBaba wazo sibi impela kangangokuthi sesidle kakhulu nasemaphaketheni omndeni.Lezi zingane zashiya neAkhawunti yaseBhanga kuMabonakude ukuze labo abafisa ukudlulisa inkongozelo bakwazi ukuphosa eSivivinani.Umholi weAction SA uBaba uHerman Mashaba namuhla wethule izindaba ezithi uzophosa kulesi Sivivane imali ewuR200K ezophuma kwiNhlangano yakhe iHerman Mashaba Foundation,uqhube wathi unethemba lokuthi lemali izolekelela kakhulu emndenini wakwaMashaba ikakhulukazi ezindlekweni zokwelashwa kwakhe.UBaba uHerman Mashaba uveze ukuthi useneminyaka eminingi impela azana noBaba uShakes,uthi waqala ukumazi ngenkathi esadlala ibhola.Uqhube wathi uyafisa impela ukuthi alulame aqhubeke nokusebenzela ibhola laseNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *