UMsakazi uSibusiso Leope owaziwa kakhulu ngelikaDJ Sbu umanagaze abaningi ememezela ukuthi uyashiya eMsakazweni iRadio 2000. Lokhu ukusho ngeSitatimende asifake kuwo wonke amakhasi akhe ezinkundla zokuxhumana.Kulesi Sitatimende okaLeope ubonge abalandeli bakhe ngokumeseka ngazo zonke izikhathi nangokumulandela kuyo yonke iMisakazo aya kuyo.ESitatimendeni sakhe lona okaLeope ukuvezile ukuthi iNkontileka yakhe bekulindeke ukuba iphele mhlaka 30 kuNdasa(March)kodwa ngeke akwazi ukuyilinda ize iphele,uzoyeka ngokuphazima kweso.Uphinde waveza nokuthi mhla lulunye kuMbasa(April) kuwo lonyaka uzobe eqala umsebenzi omusha kwesinye seziTeshi ezinkulu lapha eNingizimu Afrika,nokho akadalulanga ukuthi yisiphi kahle-hle leso siTeshi.UDJ Sbu ubeshayela uhlelo lwasekuseni kulo Msakazo iRadio 2000 okuwuMsakazo ophethwe yiSABC(South African Broadcasting Corporation).Nakhona kulo Msakazo wayeqale nyakenye mhla lulunye kuMbasa njengoba ezoqala umsebenzi wakhe omusha ngosuku olufanayo lapho eya khona. ESitatimendeni sakhe okaLeope uveze injabulo yakhe ngomsebenzi wakhe omusha azowuqala, waphinde wafisela neRadio 2000 konke okuhle.Ugcine engalidalulanga ngempela igama loMsakazo,kwehlule ngisho abalandeli bakhe bebuza.
UDJ Sbu usewulaxazile uMsakazo iRadio 2000