Usethelekile kwelaseKenya uBenni MacCarthy njengoba kusasa kulindeleke ukuthi ethulwe njengoMqeqeshi umusha weqembu leSizwe.UMacCarthy uhlangatshezwe namuhla izikhulu zeBhola leZwe laseKenya i-Football Kenya Fedaration(FKF)esikhumulweni seziNdiza iJomo Kenyatta Internationl Airport.Utheleke nethimba lakhe labaQeqeshi nokungabanagne bakhe abakhulu uMoeneeb Joseph kanye noVasili Monousakis.UJoseph owabe enguNozinti weOrlando Pirates, kuzokhumbuleka futhi ukuthi nangenkathi uMacCarthy esacija uSuthu wayekhona uJoseph ethimbeni labaQeqeshi bakaMacCarthy.Igama likaSiyabonga Nomvethe alizange livele ethimbeni laBaqeqeshi ,ize naye wayeyingxenye yalo ngenkathi uMacCarthy esacija uSuthu.UJoseph uzoba uMqeqeshi woNozinti kanti Monousakis yena uzoba yisekela likaMacCarthy.Ngokusho kwabezindaba iPulse Sports Kenya kubikwa ukuthi uNocholas Muyoti oyisizalwane sakhona eKenya uzoba yisekela lesibili likaMacCarthy ukuze elekelele ngolwazi kanye nosiko lweHarambe Stars(iqembu lesizwe laseKenya).Kamuva nje uMacCarthy ubeyingxenye yabaQeqeshi beManchester United ngaphansi kweManeja uErik ten Hag.Abezindaba kade baqala ukubika ngokuqashwa kukaMacCarthy,baqala ngoLwezi wanyakenye.Kubikwa ukuthi neNgqalabutho yaseFrance uClaude Makhalele naye ubewugaqele kabi lomsebenzi ogcine utholwa uMacCarthy.
Usethekile eKenya uBenni MacCarthy