Liphinde lahlehliswa icala lomdlali weSekhukhune United lokubalala ngokungenhloso

Uvele izolo ngoLwesibili  eNkantolo yaseTembisa umdlali weSekhukhune United uShane Mogaila ngecala lokubulala ngokungenhloso. Leli cala lenzeka nyakenye ngoMfumfu (Okthoba) lapho  imoto kaMogaila yohlobo lweBMW  M2 eyayishayelwa nguyena yabandakanyeka engozini khona eTembisa. Kuleyo ngozi imoto ka Mogaila  yashayisana mahlanze nemoto yohlobo lweHyundai Grand i10 eyayilayishe izingane ezaziya eskoleni. Kuleyo ngozi kwashona ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye (9). UMogaila watholakala enecala ngoba wayehamba emzileni ongafanele, kanti futhi wabuye wazidonsela amanzi ngomsele ngokuphuma emotweni acele empunzini ashiye  imoto yakhe endaweni yengozi. Nokho wabuye wazinikela emaPhoyiseni ngalo lolo suku. Icala lakhe laqulwa ngakusasa , labe selihlehliselwa osukwini lwayizolo mhlaka 5 Nhlolanja (February) . Osukwini lwayizolo libuye lahlehliselwa umhlaka 19 Nhlaba (Meyi) kulandela isicelo sikaMshushisi uXolani Khumalo ocele ukuba lihlehliswe ngesizathu songabikho kwemiphumela yokuhlolwa kwegazi lalo mdlali kwazise kwaba nezinsolo ezazithi wayedle amanzi amponjwana ngoba emotweni yakhe kwatholakala amabhodlela otshwala kanye nokwakusolakala ngathi izidakamizwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *