Usayiniswe yiqembu laseNgilandi umdlali owake wagijima kwezikaMagebhula

Umdlali waseZimbabwe uMarshal Munetsi owake wagijima kwiOrlando Pirates usethengwe yiWolves iqembu laseNgilandi elidlala kwiEnglish Premier League . Lokhu kushicililwe yilona iqembu lakhe elisha iWolves kwiWebsite yalo , uthengwe eqenjini laseFrance iReims , ethengwa ngo20milion wemali yama-EURO okuyimali elinginiselwa kuR400million . IWolves ibuye ibe yikhaya labanye abadlali baseZimbabwe oTawanda Chirewa kanye noLeon Chiwome. UMunetsi waqala uhambo lwakhe lweBhola neAli Sundowns Academy yakhona eZimbabwe ngaphambi kokuba athengwe yi-FC Cape Town ngo2015 . Ngaleso sikhathi wayeniminyaka eyishumi nesikhombisa (17) . Ngokusho kukaMqeqeshi wakhe wangaleso sikhathi uErrol Dicks  kuthiwa uMunetsi wayehola uR5000 ngenyanga , ethola nendawo yokuhlala yamahhala .Uthi lokho kwakusho lukhulu kuMunetsi. UMunetsi akahlalanga isikhathi esitheni kuFC Cape Town ngoba washeshe wasayiniswa yi-Orlando Pirates nayo eyamubolekisa kwiBaroka okweSizini eyodwa. Wathi uma ebuya ekubolikisweni wenza ezibukwayo kwezikaMagebhula , okwaholela ekutheni ngo2019  athengwe yi-Reims yaseFrance lapho ayibamba khona waze wathengwa yi-Wolves yaseNgilandi , okuyinto eyenzeke izolo ebusuku ngaphambi kokuba kuvalwe iWindi laseNgilandi . Kuthiwa umholo kaMunetsi uyoba yimali elinganiselwa kwiSigidi samaLandi (1million) . IWolves ibuye yamemezela noNasser Djiga othengwe eKilabhini yaseSerbia i-Red Star Belgrade .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *