Iqembu leBhola laseSoweto i-Kaizer Chiefs selimemezele umdlali wasesiswini uThabo Cele njengomunye wabadlali bayo abasha. Abanye abadlali abanyezelwe yiZinkunzi zaseSoweto uTashreeq Morris and Glody Lilepo . Lona okaMagaye uneSipiliyoni esikhulu kwazise useke wagijima emaqenjeni asePortugal esingabala kuwona iBenfica , Real SC kanye Cova Piedade. OkaNdosi uke wagijima nasePoland .Kanti kamuva nje ubegijima eqenjini laseRussia iFakel Voronezh lapho acele khona ukukhululwa aphindele ekhaya eNingizimu Afrika lapho efike khona wajoyina iqembu laseSowto iKaizer Chiefs elikade kwasa limugaqele . Le nsizwa edabuka KwaMashu enyatho yeTheku isike yagijima nakwiBafana Bafana , yasuka lapha ekhaya ngo2016 yayodlala Phesheya. OkaMagaye useke wamela izwe laseNingizimu Afrika ezigabeni ezahlukene okulwa kuzo esabangaphansi kweminyaka engama-20 , esabangaphansi kweminyaka engama-23 kanye neBafana Bafana uqobo. UKaizer Motaung Junior onguMqondisi wezimidlalo kwiKaizer Chiefs uthe bajabule kakhulu beyiqembu ukusayinisa lo mdlali futhi balindele lukhulu kuyena ngoba liyaziwa ikhono lakhe .UMotaung Junior uqhubeke waphula kanje “UCele kulindeleke ukuthi ajoyine ozakwabo abasha kuleli sonto ukuze aqale uhambo lwakhe lwePSL namaGlamour Boys futhi wonke umuntu ku-Club umfisela konke okuhle”. IWindi likaMasingana elisavuliwe lizovalwa ngomhlaka 29 kuyo le ephezulu . Akucaci noma iMpofana isazomemezela abanye abadlali abasha.