UNyamakayishi uthembisa iVAR ebholeni laseMzansi

 

UMongameli weqembu laMazulu uMnu uSandile Zungu uthembise ukuthi uzoletha iVAR kwiBetway Premiership uma kwenzeka aqokwe njengoMongameli omusha weNhlangano yebhola lakuleli ,iSAFA.UNyamakayishi uzoqhudelana noMongameli weSAFA uMnu uDanny Jordan okhethweni lukaMongameli wale Nhlangano oluzobanjwa maduze.UMnu uJordan selokhu aqwakela kulesi sikhundla kusukela ngo2013.Ngo2022 esanda kudla umhlanganiso uMnu uJordan wamemezela ukuthi iminyaka emine yenhlanhla lakhe kuyoba eyokugcina ngci.Asazi-ke ukuthi sekubuye kwashintshaphi,mhlawumbe bakhona abamgqugquzele ukuba aphinde angenele ukhetho.Kamuva uNgqongqoshe wezimidlala uMnu Gayton Makhenzi watshela abezindaba ukuthi ukhiphe isamba esikhulu semali wasinika iSAFA ukuze kusungulwe iVAR ebholeni lakuleli.Lokhu wakusho ekuqaleni konyaka ka 2026,kodwa kuze kube ma nje kusacwebe iziziba mayelana neVAR ebholeni laseMzansi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *