Iqembu le Orlando Pirates limemezele ukuthi selisayinise umgadli waseNorway ogama lakhe linguSebastian Pedersen oneminyaka eyi 27.Lo mdlali osayinwe eqenjini iSogndal Fotball elidlala kwiLigi yakhona yesibili ebizwa ngokuthi i-OBOS-Ligaen.Kuthiwa uPedersen ngeSizini edlule uvalele amaGoli ayi 8 emidlalweni eyi14 naleli qembu.NgokweCareer yakhe yonke usevalele amaGoli ayi 51 emidlalweni eyi 117 okuyinto enhle kakhulu leyo.Kulindeleke ukuthi lo mdlali aqale ukuzilolonga neqembu le Pirates maduze.EzikaMagebhula zizovula iSizini ngomdlalo ezizowudlala noMakoti beLigi iMilford FC ngoMgqibelo mhlaka 01 kuNcwaba eOrlando Stadium ngezithuba zo 15.30.
Khumu!