Umculi weKwaito uLvovo Dirango ubonga umusa kaNkulunkulu ngokusinda kwakhe ekuhlaselweni isifo sohlangothi(stroke) eminyakeni embalwa edlule.Lokhu ukusho ngenkathi exoxa noMsakazi uLinda Sibiya emsakazweni iGagasi FM ngohlaka 26 Juklayi.Engxoxweni yabo uDirango uveze ukuthi eminyakeni edlule wahlaselwa istroke eseSteji ephefoma,nokwaholela ekutheni azithole esesegumbini labagula kanzima(ICU) esibhedlela.Uqhube wathi izindleko zesibhedlela zancela amaphakethi akhe,kangangokuthi wathi uma ephuma esibhedlela waphindela ekhaya lapho azalwa khona kwaNdlovu kwazise lensizwa igama layo langempela uThokozani Ndlovu.Uthi ngenkathi esekhaya kuyilapho abona khona abangane bakhe bangempela.Uqhube wathi abangane bakhe bangempela babeza ekhaya bezomphekela ngoba wayengakwazi ukuziphekela.Kodwa abangane mbumbulu baqhela eduze kwakhe.Umfoka Ndlovu uze wafikelwa umunyu wakhala izinyembezi ngenkathi elanda ngodaba lwakhe.UGatsheni uthi ngenkathi ephuma esibhedlela walahlekelwa yizwi,nokwaholela ekutheni engawatholi amaGigi.Uveze ukuthi manje usekulungele ukubuyela emsebenzini wakhe womculo,aye eSteji noma ayoqopha iStudio.Kusenjalo abantu baseNingizimu Afrika bavule inkongozelo(donation) evulwe uYenziwe Qiniso Ndimande udume kakhulu ngokuhlela imicimbi nangokusiza abantu nje kuFacebook. Le nkongozelo kushone ilanga lanamuhla (28 Julayi)imali yayo isihleli ngale kukaR200 000.Imali ifakwa kwiAkhawunti yaseBhanga yakhe umfoka Ndlovu.Imininingwane yayo itholalaka kuyena uYenziwe Qiniso Ndimande kuFacebook wakhe ngizozama ukufaka iLink.Umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose naye uphosile esivivaneni,uphose uR20 000.Siyithimba leSicelankobe News simfisela okuhle kodwa uNdlovu.
Khumu!
https://www.facebook.com/share/p/1BbYN9u6bQ/