Siyasuka isidumo ngoMgqubelo esiya kuwona njengoba kuzoqala iLigi yakuleli eyaziwa ngokuthi yiBetway Premiership.Amaqembu amakhulu aseSoweto iChiefs nePirates azovula iSizini ngoMakoti beLigi.EzikaMagebhula zizodlala neqembu laseMhlathuze iMilford FC elisanda kufika kule Ligi.Lo mdlalo uzodlalelwa eOrlando ngo15.00 emini.Ekhuluma nabezindaba uMphathi wembu leMilford obuye abe wuMqeqeshi uDr Xanti Pupuma uthi bazomangaza abaningi kule Sizini.Wexwayise amaqembu eBetway ukuthi angalinge abazele ngendelelo ngoba bazobamangaza.Iqembu leKaizer Chiefs lona lizovula ngeKruger United ekuhambeni,nayo ingoMakoti beLigi.Lo mdlalo uzodlalwa ebusuku ngo20.00 eMbombela Stadium eMpumalanga.IMpofu isanda kuqukula indebe yeToyota Cup eyiqukule ngenkathi ishaya iScotland FC yaseZimbabwe ngMpelasonto esiphuma kuyona.
IChiefs nePirates zizovula iSizini ngoMakoti beLigi