UMsimango noDu Preez bayingxenye yeDeal yokuletha uPhili eNaturena

Izolo besibike ukuthi sezikuVuthondaba izingxoxo phakathi kwamaqembu amabili iKaizer Chiefs namaStellies mayelana nokudayiswa komgadli uLangelihle Phili ofunwa ngabomvu yiKaizer Chiefs.Lo mgadli usezincwadini zamaStellies,uvutha amalangabi,ubuye adlalele neqembu le sizwa lamaUnder 23 laseMzansi.Okusha okuvelayo manje wukuthi kule Dili kulindeleke ukuba iKheza yengeze ngabadlali bayo oGiven Msimango kanye noAshley Du Preez.Okusho ukuthi iKheza izokhokha imali yokuthenga uPhili,bese ithi fahla ngaphezulu ngalaba badlali oMsimango noDu Preez.Ngokusho kwentatheli uLorenz Kohler kuthiwa le Dili sekusele kancane ukuba iphothulwe.UMsimango kulindeleke ukuba avale isikhala sika Thabo Moloisane osesayine kwiKheza nje ngeFree Agent.UPreez uyovala sona esikaPhili.

 

Khumu! , 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *