Sekuphelile ukuqagela ngomgadli weTS Galaxy uPuso Dithejane usejoyine iqembu le Chicago Fire laseMelika.Leli qembu libuye libe yikhaya likaMbekezi Mbokazi owalijoyina ngoZibandlela 2025.UDithejane ubefunwa ngamaqembu amaningi lapha eMzansi okubalwa kuwo neMamelodi Sundowns kanye neKaizer Chiefs.Lo mdlali wake wagijima kulona iqembu leKaizer Chiefs lapho adlalela khona iqembu labasakhula phecelezi iDevelopment,okusho ukuthi waphekwa khona eNaturena.Amaqembu iTS Galaxy kanye nayo iChicago Fire abesekuqinisekisile ukuhamba kukaDithejane oneminyaka engama21.Lo mdlali muhle kakhulu uyawashaya namaGoalie,kanti ubesedle izindondo eziningi laphana kwiTS Galaxy ezomdlali ovelele.Uke wabizwa naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Khumu!