Usezogijima kwiDowns uNdabane

Iqembu le Mamelodi Sundowns selimemezele uKhulumani Ndamane njengomdlali walo omusha.UNdamane oneminyaka eyi 21 usayinwe yileli qembu kwiTS Galaxy yaseMpumalanga.IDowns kade kwasa imgaqele lo mdlali oyisitobha esiyinxele,ongowukudabuka eMnambithi,isize yamthola-ke manje.Umphathi weTS Galaxy uTim Sukazi wayesekuqinisekisile ngaphambilini ukuthi bamzomdedela uNdamane aye kwiDowns uma kuvulwa iwindi likaMasingana.Lo mdlali uzobanga ijesi nezinye izitobha esingabala kuzo uMtobi Mvala,uMosa Lebusa,uKeegan Johanes,uGrant Kekana  kanye no Keanu Cupido.UNdamane ubeyingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana ebeliyodlala iAfcon eMorocco.UNdamane ungumdlali wesithathu osesayinwe yiDowns kuleli windi likaMasingana elivulwe ngomhlaka 1 kuMasingana,elizovalwa mhlaka 31 kuwo uMasingana.Abanye abadlali ngoBrayan Leon owasayinwe eColumbia kanye noMonnapule Saleng osayinwe eqenjini le Orlando Pirates.

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *