Izikhulu zenhlangano yebhola lakuleli iSAFA sezivumelane ngokuthi uPitso Mosimane kube wuyena uzothatha izintambo zokuba wuMqeqeshi omusha weBafana Bafana njengoba kusanda kushiya uHugo Broos nje.Izikhulu zeSAFA bezibambe umhlangano omkhulu namuhla ezindlini zeSAFA zibhunga ngalo udaba lukaPitso ngoba vele kade kwashiwo,kubhulwa,izintatheli zithi uMosimane uyena uzoba wuMqeqeshi omusha weBafana Bafana.Okusho khona ukuthi sekuye ngamagama eNkehli.ISAFA ithi izomemezela uMosimane njengoMqeqeshi omusha weeembu lesizwe maduze,ayishongo lutho nokho ngoHelman Mkhalele obeyisekela likaBroos.Ayishongo lutho futhi nangokuthi ngabe uMosimane uzoza nethimba lakhe labaQeqeshi yini njengoba ehlale enza uma eqeshwa amaKilabhu aseAfrika.UMosimane uzobe engaqali ukuhlala esihlalweni sokuhola iqembu lesizwe,wake wahlala ngaphambilini.Sithi halala Mosimane halala!
UPitso Mosimane nguyena uzoba wuMqeqeshi omusha weBafana Bafana