Ugwetshwe uDilika Jele neminyaka eyi90 ngaphezulu uEnock Ndou owadubula wabulala amalungu omndeni wakwaNdou ayisikhombisa {7}kuhlanganisa nengane eneminyaka emibili.INkantolo yaseThohoyandou ithi ihlanganise ubufakazi obuqanda ikhanda obenza uNdou afenelwe yilesi sigwebo.IJaji uThogomelani Tshidada lithi ngenkathi kuqulwa leli cala umsolwa akazange akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe sokuqotha umndeni,futhi akazange azame nokuxolisa.IJaji lithi ngenkathi kuqulwa icala umsolwa ubelokhu ebelesele iNkantolo ngokuyitshela ukuthi yena uyiNtandane,liqubekile iJaji labuza ukuthi ngubani-ke ongesiyona iNtandane njengoba umsolwa esedubule umndeni wawuqeda?Lamalungu omndeni umsolwa wawabulala ngonyaka ka 2021,akwaziwa ukuthi wayebulaleni abantu bakubo kodwa kusolakala ukuthi kwakumayelana namaFa omndeni.Icala belilokhu lisaqulwa kusukela ngawo unyaka ka2021.
Igwetshwe uDilika Jele indoda yaseVenda eyadubula yabulala inqwaba yamalungu omndeni