Sekudutshulwe kwabalawa umholi womphakathi eAlexandra

Esivuka ngazo namuhla zithi sekudutshulwe kwabulawa umholi womphakathi uVincent Vinny Ndima(49)ezintatha zamuhla nezithuba zo1am ekuseni.Kuthiwa uNdima udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu esemotweni yakhe ngaku12 Avenue.Kuthiwa uNdima ufe ujuqu khona lapho endaweni yesigameko kwathi umngane wakhe yena waphuthunyiswa esibhedlela.UNdima unguSomabhizinisi owaziwayo kuleya ndawo,obuye abe umholi womphakathi osehole nemikhankaso eminingi emelane nobugebengu.Ngokusho kwabantu abafike kuqala endaweni yesigameko kuthiwa kubalwe amagobolondo ezinhlamvu(amabhosho) avile kuma40.Bekungaboshwa muntu mayena nokubulawa kukaNdima,nokho amaPhoyisa anxusa ongabe enolwazi aye esteshi samaPhoyisa esiduze naye ayobika. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *