Nina abeHwanqa eladla amanye amahwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu,iZibuko likaNdaba limadwala abusheshelelezi lishelele uPiti nendodana!ISilo sakithi eMgungundlovu leso iSilo uDingane.Namuhla kuphela iminyaka engama 188 kwabulawa uPiet Retief owabulawa yimpi yeSilo uDingane egqumeni elagcina laziwa ngokuthi kukwaMatiwane,eMakhosini.Kulelo gquma kwakubulawelwa izephulamthetho,nenkosi yamaNgwane uMatiwane uMasumpa yasocongelwa khona.UPiti(Piet Retief)wayengomunye wabaholi bamabhunu.Isizathu sokubulawa kwakhe kwaba wukuthi yena nabangane bakhe babebhadanywe bezama ukuka isigodlo seSilo uDingane uMgungundlovu,babanjwa ebusuku bebanjwa oGqayinyanga baseMgungundlovu.ISilo uDingane kanye nesigungu saso okwakukhona kuso uNdunankulu uNdlela Ntuli nesekela lakhe uNzobo Ntombela bathatha isinqumo sokuthi uPiti kanye nabangane bakhe baphanjaniswe nemvula.Babulawa-ke oPiti ngalo lolu suku lwanamuhla mhlaka 6 Nhlolanja 1838.UPiti kwaqanjwa ngaye idolobha lasePiet Retief eselaziwa manje ngokuthi kuseMkhondo.Kanti nesigodlo samabhunu iPietermaritzburg kwahlanganiswa amagama amaholi bamabhunu okunguyena uPiet Retief noGerrit Maritz.Ukubulawa kukaPiti kwadala elikhulu igqumu kumabhunu nokwagcina kuholele ekutheni kulwe impi yaseNcome ngoZibandlela mhlaka 16 ngawo u1838.Kuleyo mpi waguqa uZulu.