Kubikwa ukuthi sekweqe isigebengu esiyingozi kabi eJele laseMgungundlovu iSevontein Correctional Centre.Igama lale ndoda nguThulani Gcaleka.Umfoka Gcaleka ubedonsa isigwebo sikaDilikajele ngamacala athinta awokudlwengula,awukugqekeza,awokuzama ukubulala kanye nawokuphanga ehlomile.Ngokusho kukaMkhulumeli wezamaJele uMnu Singabakho Nxumalo uthi uGcaleka uphunyuke ngenkathi yena nezinye iziboshwa bephumile beyokwenza umsebenzi womphakathi, beyocenta kwelinye lamaPulazi aseMgungundlovu.OwaseGudunkomo ucele umphakathi ukuthi uma kwenzeka ubona uGcaleka usheshe ubikele abomthetho kodwa ungalinge usondele kuyena ngoba uyingozi.UGcaleka uyaziwa emphakathini waseNingizimu Afrika ngoba eminyakeni embalwa edlule kwake kwasabalala iVido yakhe ezitika ngocansi noJele wesifazana eJele laNcome.Lowo wesifazane wagcina ekhonjwe indlela.UNxumalo uthi amaPhoyisa aseyiphumile vele inqina yokuyozingela uGcaleka.
Khumu!