Isimisiwe emsebenzini iNgoduso kaPretorious ozidubule wazibulala izolo

Ezingena manje zithi uJuan-Mare Eksteen usehlinzekwe ngencwadi emyalela ukuba makame emsebenzini.UEksteen uyiPhoyisa elisebenzela iFlying Squad yaseBenoni,ubeyiNgoduso ka Wiandre Pretoroius ozidubule wazibulala izolo egarage laseBoksburg.Bobabili oPretorious noEksteen kwakubikwe ukuthi bayathinteka ekubulaweni kukaEmmanuel Mbhense owabulawa ngo2022 umzimba wakhe waphonswa eDamini.Isoka likaEksteen uPretorious ubengumsolwa obehamba phambali ekubulaweni kukaFakazi D owabulawa nyakenye.UFakazi D wayethinte amagama ka Pretorious neNgoduso yakhe,wathi bayabandakanyeka ekubulaweni kukaMbhense.Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kuke kwaba nemibiko ethi uPretorious usinde ekubulaweni,ngokusho kwakhe ebikela amaPhoyisa wathi uqhanyukelwe ngabantu abangaziwa ngenkathi engena esangweni lakwakhe bafike bavulela ngenhlamvu.Kulokho kuhlaselwa uPretorious waphuma engenalo nelilodwa inxeba.Ngokusho kwamaPhoyisa kuthiwa bayishumi nambili (12)abantu abaphenywa ngokubulawa kukaMbhense.Kodwa kulowo 12 sekwashona abathathu abafa bebulawa ngokudutshulwa ezigamekweni ezingefanani kusukela ngo2023,bese kuba uPretorious ozibulale izolo ngokuzidubula.Okusho ukuthi bane(4) sebebonke abantu asebeshonile,okusho ukuthi bayisishiyagalombili(8)abasaphula.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *