Ulilaxazile ithuba lokufaka isicelo sebheyili u Armindo Joaquim Pacula(25)ongumsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras.UPacula ongumsinsi wokuzimilela eMozambique ubevele namuhla ekuseni enkantolo yaseGoli.Isizathu sokungafaki isicelo sebheyili uthe wukuthi akanawo amaphepha amgunyaza ukuba kuleli.Ube esecela inkantolo ukuba ingamubuyiseli eJele laseSun City ngoba unezitha kuleliya Jele ezabulala umngane wakhe.UPacula uzobuye avele enkantolo mhlaka 11 Nhlolanja(February)esevela noVictor Mthethowakhe Majola onguNgqundongqondo ekubulaweni kukaMufi.Izimpukane eziluhlaza zithi kulindeleke ukuba uPacula alivume icala lokusoconga uMufi owasocongwa ngoZibandlela nyakenye.Kubikwa ukuthi vele kade awaculela amaPhoyisa washo konke okwenzeka.Washo nokuthi yena nomunye umsolwa osagcwele amathafa babethunywe nguMajola ukuba basoconge uMufi.Kuthiwa uMajola wayebathembise uR25 000 kodwa bathola uR14 000 abawucazelana bathola uR7 000 umuntu emunye.Kuthiwa uPacula watshela amaPhoyisa ukuthi ngosuku abasoconga ngalo uMufi wabuye wabuyela endaweni yesigameko esefake emaOverall eyobheka ukuthi wayeshone ngempela yini uMufi.Kuthiwa uPacula wabuye watshela amaPhoyisa ukuthi ngemuva kokusoconga kwabo uMufi yena wake waya ngakubo eMozambique kodwa inkemane yabhoka ,wagcina ephindele eMzansi ukuzoqhuba umsebenzi wakhe wokuvukuza kwazise uyiZamazama.
Khumu