Sekushone abaseZimbabwe abayiShumi nanhlanu empini yaseRussia neUkraine

Ngokwemibiko evela ezweni laseZimbabwe kuthiwa sekushone abantu baseZimbabwe abayiShumi nanhlanu(15) empini yaseRussia neUkraine.Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezoLwazi(Minister of Information)wakhona eZimbabwe uMnu Zhemu Soda.Kuthiwa abaShushumbisi sebeshushumbise izinsizwa zaseZimbabwe eziyi81 bezishushumbisela eRussia.Njengoba sekushone abayiShumi nanhlanu nje okusho okuthi sekusele abayi 66.UMnu Soda uthi basezinhlelweni zokubuyisa izidumbu zasebeshonile kanye nalaba abayi66 abasaphila.Nokho intatheli yaseZimbabwe uZenzele Ndebele uthi ngokuphenyo lwabo abantu baseZimbabwe asebeshonele kwelaseRussia bangale kuka 15,futhi bevile ku81 abaya kuleliya zwe.OkaMazankosi uqhude wathi nayizolo ngomhlaka 25 kuNdasa bekusekhona abantu baseZimbabwe abayayo eRussia ngenhloso yokuyolwa impi.OkaMazankosi obekhuluma nabakwaSABC,uthe uma ebuzwa ngokuthi ngabe kulula yini ukutholakala kwabaShushumbisi waphendula ngokuthi cha,ngoba abanye babantu baseZimbabwe abaya eRussia basukela kuleli laseNingizimu Afrika,abanye basukela naseQatar

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *