Inkantolo yaseAlex eGoli iveze ukuthi uChatunga Bellarmine Mugabe kanye nalowo aboshwe naye uTobias Matonhodze bakhokhela isisulu uSipho Mahlangu imali ewuR250 000 ukuze athule angasho lutho uma abaSeshi bembuza ngokudutshulwa kwakhe.UMahlangu wadutshulwa nguChatunga Mugabe ngoNhlolanja nonyaka.UChatunga uyindodana yalowo owabe enguMengameli wezwe laseZimbabwe uRobert Mugabe.UChatunga noTobias bebevele namuhla enkantolo yaseAlex eGoli.UMseshi waleli cala uveze ukuthi oChatunga bakhokhela isisulu imali engangoR250 000 ukuze sithule lapho siphenywa ngabakwaSidlodlo.UMseshi uqhube wathi bekusekhona uR150 000 obusazokhokhelwa isisulu.Kahle-hle isisulu sasithenjiswe uR400 000.Laba ababili bazobuye bavele mhlaka 29 kuMbasa(Apreli) okuwusuku lokukhishwa kwesigwebo sabo.Isibhamu okwadutshulwa ngaso isisulu safihlwa,namanje asikatholakali.
Khumu!