Usagcwele amathafa obulale amaPhoyisa

 

Kufunwa uthuli owaseZimbabwe obulale amaPhoyisa amabili endaweni yaseRoodepoort izolo ngoLwesihlanu.Kubikwa ukuthi uJabulani Thabang Moyo(osesithombeni)ubekade eyovela enkantolo yaseRoodepoort esuka ejele laseBoksburg.Kulolu hambo uMoyo kubikwa ukuthi ubethuthwe ngeVeni ebelihamba ngamaPhoyisa amabili.Kubikwa ukuthi kuthe lapho esephindiselwa ejele laseBoksburg lamaPhoyisa abekade emkhaphile ahlasela ngabantu abangaziwa nokuholele ekutheni uMoyo agcine ethathe izibhamu zawo,wadubula ngesisodwa sazo lamaPhoyisa amabili okunguSayitsheni noWarrant Officer.Ngokusho kokhulumela amaPhoyisa uMnu Mavela Masondo uthi uSayitsheni uphangalalele endaweni yesigameko,kwathi uWarrant Officer washonela esibhedlela.UNyambose uthi uMoyo ubaleke ngalo iVeni lamaPhoyisa nokuthe ngokuhamba kwesikhathi latholakala endaweni engekude nesigameko.UMoyo ubeyovela enkantolo yaseRoodepoort mayelana necala lokuphangwa kweBhizinisi ngo2023.OkaNyambose ucele umphakathi ukuthi ubikele amaPhoyisa uma unolwazi ngoMoyo.UNyambose uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uqaphele kakhulu ngoba uMoyo uyingozi kanti futhi usahlomile ngazo izibhamu azephuce amaPhoyisa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *