Umnyango wezamaJele uphika eyokukhulelwa kukaDr Nandipha Magudumana

Umnyango wezamaJele uthi ayimbudane abahlezi athi uDokotela uNandipha Magudumana ukhulelwe.Ukusho lokhu  kulandela izindaba ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezithi uMagudumana ukhulelwe,usenyangeni yesine.UMagudumana wabe eyintombi kaThabo Bexter,useJele laseBizzah Makhate esifundazweni saseFreestate,UMagudumana selokhu aboshwa nowabe eyisoka lakhe uThabo Bexter osolwa ngenqwaba yamacala ahlanganisa nawokubulala abantu besifazane.UBexter yena uvalelwe eJele laseMangaung khona eFreestate.Umkhulumeli wezamaJele uSingabakho Nxumalo uthi kungamampunge ukuthi uMagudumana ukhulelwe,uqhube wathi abantu abaqali ukuyisho leyonto,bake bayisho nangaphambilini bathi uMagudumana ukhulelwe usenyangeni yesine-kanti uhlala esenyangeni yesine yini?Kubuza owaseGudunkomo.UNxumalo uphinde wayiphika eyokuthi kukhona nesikhulu samaPhoyisa aseBizzah Makhate esesimisiwe emsebenzini ngenxa yokusolwa ngokukhulelisa uDokotela uMagudumana.UMagudumana selokhu avalelwa kuleli Jele kusukela ngowe 2023.Usolwa ngenqwaba yamacala kuhlanganisa nelokwelekelela uBexter ukusoconga abesifazane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *