Asezoba mahlanu amaqembu aseKZN kwiBetway Premier League

Asezoba mahlanu amaqembu akwaZulu Natal kwiBetway Premier League kulandela ukukhushulwa kweMilford FC yaseMhlathuze edle umhlanganiso kuma-Play Offs eBetway League aphele namuhla emini.Kulama-Play Offs bekukhona iMagesi FC,iCape Town City kanye nayo iMilford ekhushulwe namuhla kulandela ukudlala kwayo ngokulingana ngo1-1 neMagesi namuhla emini.EzaseMhlathuze zize kulammdlalo zidinga iphuzu elilodwa nje zwi ukuba zingene kwiBetway League.Iqembu leMilford liteketiswa ngokuthi lingaMaStallions.Lasungulwa ngo2011 eMhlathuze lisungulwa nguDokotela uXanti Pupuma owalibhalisa ngokusemthethweni ngonyaka ka 2012.UDokotela Pupuma nguyena obuye acije leli qembu,selokhu aqala ukuzibambela kusukela ngo2025 kulandela ukudedelwa koMqeqeshi uMandla Qhogi osecija iNsingizi Hotspurs yaseSwazini.Asazi noma uDr Xanti uzofuna uMqeqeshi ngeSizini ezayo yeBetway,noma uzoqhubeka azibambele.Ukukhushulwa kweMilford kusho ukuthi asezoba mahlanu amaqembu akwaZulu Natal kwiBetway.Kuzoba yiDurban City,iGolden Arrows,iRichard’s Bay ,Amazulu kanye nayo iMilford.

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *