Sekuboshwe abasolwa ababili kwelokubulala uThato Molokosankwe

AmaPhoyisa aseNorth West asekuqinisekisile ukuthi asebophe abasolwa ababili abathinteka ecaleni lokudutshulwa kubulawe uSomabhizinisi waseNorth West uThato Molosankwe owadutshulwa wabulawa emzini wakhe osesigodini saseLomanyaneng eNorth West mhlaka 20 kuMeyi.UMolosankwe wayedume kakhulu ngokulwa nenkohlakalo,ikakhulukazi khona eNorth West.Okhulumela amaPhoyisa aseNorth West uRyno Naidoo uthi umsolwa wokuqala waboshwa ngemuva kwezinsuku ezintathu kubalawe isisulu,kwathi umsolwa wesibili yena waboshwa eMmabatho extension 39 sekwedlule isikhathi eside kubulawe isisulu.Kuthiwa kusolakala ukuthi laba basolwa ababili baqhuba umsebenzi wobunkabi esifundazweni saseNorth West,kuthiwa bayathinteka nakwamanye amacala okubulala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *